Johannesburg – Ababhikishi bavale imigwaqo ngamathayi ezimoto
avuthayo nangamatshe eFinetown, eningizimu yeGoli ngoLwesine, kusho amaphoyisa
kamasipala.
UChief Superintendent Wayne Minnaar uthi ababhikishi bakhala ngokungabikho
kukagesi endaweni.
Umgwaqo uProvincial kanye no-K43 Highway bavaliwe. Abashayeli
bezimoto bayacela ukuba basebenzise uLawley road okungcono.
Funda nalolu daba: Ushonile odutshulwe abantu abangaziwa eLindelani
UMinnaar uthe uChris
Hani road, Colliender road noDiepkloof nayo ivaliwe.
Abashayeli bangasebenizisa
u-Elias Motswaledi road, Randshow road noma uGolden Highway uma bengena noma
bephuma eSoweto.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).