Bavele enkantolo abafundi abatholakale nesibhamu kanye nezinhlamvu esikoleni

2018-04-18 12:34

Johannesburg - Abafundi ababili basesikoleni samabanga aphakeme bavele eNkantolo kaMantshi ePort St Johns ngoLwesibili ngemuva kokutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu, kusho amaphoyisa e-Eastern Cape.

Uthisha ubone umfundi oneminyaka engu-15 ubudala efihla into ethize ephaketheni, wanqaba futhi nokuyiveza, kusho uCaptain Nozuko Handile.

Uyiswe kuthishanhloko, nokuyilapho ekhiphe khona ikhasethi lesibhamu sohlobo lwe-9mm linezinhlamvu.

Amaphoyisa amthweswe icala ngokutholakala nezimhlamvu engenayo imvume.

OLUNYE UDABA: UMnyango wonga imali ngokuvala izibiliboco emngcwabeni

"Kwenziwe uphenyo oluholele amaphoyisa koneminyaka engu-16 ubudala, ohambisane namaphoyisa waya kubo nokuyilapho kutholakale khona isibhamu sohlobo lwe-9mm," kusho uHandile.

Leli bhungu lithweswe icala ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Abasolwa ngeke adalulwe amagama ngenxa yokuthi baseyizingane.

Badedelwe ngesexwayiso sokuba bagadwe ngabazali babo, bese bebuyela enkantolo, nokuyinmto abayenzile ngoLwesibili.

Icala libe selihlehliselwe uMeyi 4.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.