Bavele enkantolo 'abahlasela' umlimi ngemfoloko yasengadini

2017-07-25 11:04

Bloemfontein – Abantu ababili bavele eNkantolo kaMantshi eTheunissen ngoMsombuluko ngezinsolo zokuhlasela umlimi ngemfoloko yasengadini, kusho amaphoyisa aseFree State.

Abasolwa ababili, abaneminyaka engu-20 nengu-22 ubudala, baboshwe ngoMgqibelo nangeSonto, kusho uCaptain Malebo Khosana esitatimendeni.

IGeorge Herald ibike ukuthi umlimi unguLouis Kotze, kanti ungowasepulazini laseKopfbrunen, phakathi kwaseTheunissen naseWinburg.

OLUNYE UDABA: Ligcwele izinkalo iphoyisa elisolwa ngokubulala

Isigameko senzeke ngoLwesihlanu. Uthole amanxeba amaningi okugwazwa ngemfoloko, wabe esephuthunyiswa esibhedlela eBloemfontein.

UKhosana uthe abasolwa babhekene necala lokuzama ukubulala nelokweba. Uthe sekusemome ukuboshwa komsolwa wesithathu ngoba amaphoyisa aseyamazi.

Kuthiwa abasolwa abathathu balinda umlimi emzini wakhe, bamhlasela base bebaleka nezinye zezimpahla zakhe.

Ezinye zezinto ezebiwa zitholakele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.