Bavele enkantolo yaseBergville abazama ukubulala

2017-03-13 19:32

Bergville - Abasolwa ababili bavele eNkantolo yeMantshi yaseBergville ngamacala okuzama ukubulala kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, kubika i-Estcourt News.

Laba basolwa baboshwa ngemuva kokuhlaselwa kowesilisa oneminyaka engu-60 ubudala endaweni yaseMcijeni.

Isisulu sasinda sihlaselwa ngenhlamvu saphuthuma emaphoyiseni aseMatsheni savula icala lokuzama ukubulala.

Ngemuva kophenyo olunzulu, abasolwa babanjwa ngamaphoyisa endaweni yaseMazizini ngomhlaka-17 kuNovemba.

OLUNYE UDABA:Babanjwe besagqekeza abasolwa abathathu eMpangeni

Ngesikhathi bebanjwa, abasolwa batholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm kanye nezinhlamvu ezingu-8.

Kukholakala ukuthi lesi sibhamu yisona esasetshenziswa esigamekweni sokuhlaselwa kwaleli khehla.

Ngokusho kwamaphoyisa, lesi sibhamu sithathiwe ukuze sihlolisiswe kubonakale uma sike sasebenza kwezinye izigameko zobugebengu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.