Bavelile abasolwa ngokudubula babulale abantu abathathu ngosuku olulodwa

2018-03-26 18:00

Cape Town - Amadoda amane avele eNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha ngoMsombuluko mayelana necala lokubulawa kwabantu abathathu kuleli lokishi.

Abasolwa banukwa ngokudubula babulale owesilisa oneminyaka engu-36 ubudala omunye walimala eHarare, ngoLwesine olwedlule.

Kusolakala ukuthi abasolwa baqhubekela phambili ngalo lolo suku baya emijondolo yaseNdlovini bafike babulala esinye isisulu.

OLUNYE UDABA: Lizoqulwa ngo-Agasti elikababa osolwa ngokubulala amawele akhe

Amaphoyisa athi la basolwa badlulela komunye umgwaqo, lapho okusolakala khona ukuthi bafike badubula indoda eneminyaka engu-27 ubudala yashonela endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uNoloyiso Rwexana uthe la madoda aboshwa ngemuva kokuthi amaphoyisa aphuma umkhankaso ewathungatha.

"Amaphoyisa aphinde athola isibhamu esinezinhlamvu ngesikhathi kuboshwa abasolwa. Umbutho we-SAPS eWestern Cape ulishayele ihlombe ithimba ebelisebenza kuleli cala ngokuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.