Bavelile abesimame ababili abazinikele emaphoyiseni ngolwaseMoses Mabhida

2018-05-10 14:29

Abanye abasolwa ababili bazinikele emaphoyiseni ngesigameko esenzeka enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngenyanga edlule.

Amaphoyisa akwaZulu-Natal athi laba basolwa bavele phambi kweNkantolo kaMantshi eThekwini ngamacala odlame lwaseMphakathini.

UNolwethu Cokotha, 29, kanye noZibongile Njona,27, bavele kancane enkantolo ngaphambi kokukhishwa ngebheyili kaR1000 umuntu emunye.

OLUNYE UDABA:Kucelwa abalimala kwesaseMoses Mabhida baxhumane namaphoyisa

Kwalimala onogada abangu-18 kwaphinde kwacekelwa phansi nezinsizakusebenza zabezindaba ngesikhathi abalandela begasela enkundleni kulandela umdlalo weNedbank Cup eThekwini ngenyanga eyedlule.

UMasipala waseThekwini waveza ukuthi umonakalo ubalelwa emalini engu-R2.6 million.

Owamaphoyisa uJay Naicker uthe kusalindeleke ukuba kuboshwe abanye abantu.

"Omunye wabasolwa uzinikele emaphoyiseni izolo (ngoLwesibili) ngesikhathi ezwa ukuthi ufunwa ngabaseshi. Omunye wabasolwa uboshwe eBizana, e-Eastern Cape.

"Laba bobathathu kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kusasa ngamacala odlame lomphakathi," esho.

Ofakazi namalungu omphakathi abangase babenolwazi bayacelwa ukuba baxhumane noCaptain Reddy ku-082 458 5630 noma uDetective Warrant Officer Mlungwana ku-082 662 7764.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.