Bavelile enkantolo abatholakala nekhanda lomuntu

2016-07-19 17:30

Johannesburg – Icala lokubulala eLimpopo selidluliselwe kwenye inkantolo kulandela ukutholakala kwezinye izicubu zomzimba zikamufi kwenye ingxenye yesifundazwe.

UStanley Mahlake‚ 33‚ noRaatji‚ 50‚ bavele eNkantolo yeMantshi yasePolokwane ngoLwesibili kulandela ukubanjwa nekhanda lomuntu wesifazane ngesonto eledlule.

Uphenyo lwamaphoyisa lwase luyamanisa leli khanda nesidumbu esatholakala eMapela, kwase kudingeka ukuthi leli cala lithethelwe kwenye inkantolo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe amadoda amabili atholwe nekhanda lowesifazane

Leli cala selizoqulelwa eNkantolo yeMantshi yaseMokerong, kanti abasolwa babekwe icala lokubulala.

Umphakathi owakhelene nabasolwa ububhikisha ngaphandle kwenkantolo uthi abangadedelwa “ababulali”.

Laba babanjwa erenki yamatekisi bephethe leli khanda beligoqe ngephephandaba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.