Bawotha ubomvu abefundisi ngoZalo

2016-07-15 17:31

Durban - Kuthiwa icasule abefundisi abaningi indawo elingiswa nguMfundisi uNkosi kuZalo, ovela engumuntu ongadlulwasiketi futhi odla izimali zebandla.

Abefundisi bakhala ngokuthi uZalo lufafaza amanga ngabefundisi futhi lubabeka kabi emphakathini.

Imibiko yeDaily Sun iveze ukuthi uMfundisi Caleb Mbokazi we-Inheritor’s Foundation Church of Christ uthe lo mdlalo uveza isithombe esingesihle ngenkolo yobuKrestu kanjalo nabefundisi bayo.

OLUNYE UDABA: AboZalo bafuna ukuhamba nabafundi kwi-Matric Dance

UMfundisi Vusi Dube wase-ECC uthe ukuvumbuka kukaMfundisi uNkosi kulo mdlalo sekumenze wasabi ukuma phambi kwebandla, esabela ukuthi bazomfanisa naye.

“Sidinwe kakhulu singabefundisi. Le nto isingenze ngasaba ngisho ukuma phambi kwebandla ngishumayele noma ngicele umnikelo,” kusho uDube.

Owalo mdlalo uKoketso Phala uthe umsebenzi woZalo ukuthi lunandise luphinde luveze izinto ezenzeka emphakathini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.