Bawufuna la imunwe wengane olahlekile

2017-04-04 09:32

Durban - Usangene amakhanda umndeni wakwaNdelu eNanda, enyakatho yeTheku, ohambise ingane yawo yentombazane enkulisa yabuya isishumpulwe umunwe.

Okudida kakhulu lo mndeni ukuthi lo munywe wengane onqamukile awukaze utholakale njengoba sebewufune baze bancama lapho ingane okuthiwa ilimalele khona.

Ngokusho kukanina wengane, uSilindile Ndelu, 33, ingane yakhe eneminyaka emithathu ubudala ibifunda eMasibonisane Creche, eseNewtown A, khona eNanda.

Uthi bekuwusuku lokuqala indodakazi iya enkulisa nokuthe uma esesemsebenzini wathola ucingo oluthi makaphuthume emtholampilo ingane yakhe ilimele.

“Ngithe uma sengifika emtholampilo umhlengikazi wangitshela ukuthi ingane ilimele kodwa hhayi kakhulu. Uma ngibuza ukuthi ilimale kade kwenzenjani bathi iciphezelwe yisihlalo setekisi kamalume elibahambisa liphinde libabuyise enkulisa.

“Uma sebengikhombisa ingane ngethuke ngoma ngibona umunwe ungekho, sekusele isinqindi selunga elilodwa lawa amanye amabili engekho.

“Uma ngibuza ukuthi uphi  lo munwe onqamukile bathi abazange bawuthole emotweni. Bayishanelile kodwa ubungekho.

OLUNYE UDABA: Owesifazane udlwengulwe phambi kukaphathina wakhe, base beshiswa

“Bathi ngesikhathi ingane ilimala kayizange ize yophe. Uthishomkhulu wasenkulisa ubehamba naye umshayeli nosicabha wetekisi ngesikhathi bezongichazela lokhu. Uze wathi, ‘ngaze ngavelelwa Nkosi yami, sekuzothiwa ngithwala ngeminwe yezingane,” kusho uNdelu…

Uthi uma ingane beyibuza ithi ilunywe ngumalume, ibuye ithi yisicabha semoto kamalume.

UNdelu uthi ngesikhathi sebedluliselwe esibhedlela i-Addington ufonelwe uthishomkhulu wathi uzomnikeza u-R500 ukuze ezothenga ukudla ngoba uyazi ukuthi onina bezingane abahlinzekwa ngokudla uma besesibhedlela bephelezele izingane zabo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natala uCapt Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko kodwa wathi amaphoyisa asaphenya njengoba kuvulwe idokodo lophenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.