Baxoshiwe onogada ababonakala kwi-video besonga ngokubulala umuntu

2017-09-07 18:00

Durban - UKhongolose, KwaZulu-Natal uziqhelelanisile ne-video etshengisa onogada baBheki Ntuli onguNobhala Jikelele we-ANC kwisiFunda saseThekwini besabisa ngokubulala umuntu.

I-ANC ithe: "I-African National Congress iyaziqhelelanisa nale video etshengisa la bonogada begodle izikhali, noma ngabe inhloso yabo bekuyini."

Iqembu lixhumane nenkampani yonogada ezimele eqashe la madoda ukuba "iwathathele izinyathelo ngalesi senzo sawo esinganambitheki".

I-video itshengisa la madoda egodle isibhamu sohlobo lwe-AK-47 okuyisibhamu esingavumelekile ukuphathwa eNingizimu Afrika. 

Kamuva nje sekube nenqwaba yezigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, obekusetshenziswa kuzo izibhamu zohlobo lwe-AK-47.

Abezindaba i-eNCA bathe le video itshengiswe izikhulu zikaKhongolose KwaZulu-Natal, zathembisa ngokuphenya.

Sekubulawe abantu abangaphezu kwabangu-60 esifundazweni ezigamekweni ezibandakanya udlame losopolitiki olulokhu luqhubekile kulesi sifundazwe.

Sekuvele nokuthi inkampani yonogada ebaqashile labo nogada isibaxoshile emsebenzini.

 - IVIDEO:


- TWITTER:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.