Baxoshwe ngeWhatsApp kweyePSL

2017-06-26 12:30

Durban - Baswele umgodi wokucasha abadlali abaxoshwe ngeWhatsApp kwiReal Kings United egijima kwiNational First Division (NFD).

ILANGA lithole ukuthi iKings ineWhatsApp lapho kuxhunyanwa khona ngasikhathi sinye nawo wonke umdlali wale kilabhu.

Yikule nkundla-ke lapho uSimo Dladla ongumqeqeshi weKings ejikijele khona umyalezo okubeka ngokusobala ukuthi kabekho ezinhlelweni zale kilabhu abadlali bayo abane, uReabetsoe Rakoti, uMfanafuthi "Gee" Dlamini, uPetsane Mahlatsi noThidiso "Shimi" Radebe.

Lo myalezo kuthiwa unembe kabi kubadlali abaxoshwayo njengoba behlambalazeke kubalingani babo ekubeni bekungakaxhunyanwa nabo ngasese ukwaziswa ngalolu daba.

OLUNYE UDABA: IBafana iphoqeleke ukwenza izinguquko ezimbili esikwatini

UDladla uthi akaliboni iphutha ngokufaka lo myalezo kwiWhatsApp ezeseka ngokuthi yavulelwa lokho ukwazisa abadlali ngokuqhubekayo kule kilabhu eqala namuhla ngoMsombuluko ukujima.

Uqhube ngokuthi usayinise uBonginkosi Dladla obekwi-Acornbush United noMzikayifani Ngidi owake wadlala kwiRoses United.

Khonamanjalo, uMpho "Song" Erasmus, ogile izimanga emidlalweni ye-ABC Motsepe League National Play Offs ngesikhathi eba ngumgadli ohamba phambili egijimela iZizwe United, usesayiniswe uMthatha Bucks ogijima kwiNFD.

IBucks icijwa ngu-Ian Palmer, kubika ILANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.