Bayafihlwa namuhla ababulawa bezama ukuhlenga abesifazane bebanjwa inkunzi

2018-04-14 13:07

Johannesburg - Abantu ababili ababulawa ngesikhathi bezama ukuhlenga iqembu labantu besifazane elalibanjwa inkunzi emasontweni ambili adlule, bayafihlwa namuhla eGanyesa village ngaphandle kwaseVyrburg eNorth West.

Abasolwa ababili, asebesejele, kusolwa ukuthi babedubula ngesikhathi samaholidi ePhasika eMorokweng naseGanyesa vilage, behlupha umphakathi bebamba nenkunzi isitolo sabokufika kuleli.

Kusolwa ukuthi abasolwa bathumba omunye wabesifazane bamudlwengula.

OLUNYE UDABA:Kubulawe kwashiswa indoda yaseZimbabwe eGoli

Abasolwa bobabili baboshwa ngemuva kwesikhashana ngosizo lomphakathi.

Ngemuva kwesigameko izakhamuzi eGanyesa eNorth West zavuka umbejezana zifuna amaphoyisa adedele abasolwa ababhekene namacala amabili okubulala, amane okuzama ukubulala, ukuduna, ukuthumba, ukudlwengula nokuphanga.

Abantu abangu-12 abaneminyaka ephakathi kwengu-17 nengu-50 ubudala baboshelwa udlame lomphakathi ngemuva kokuba kushiswe ingxenye yenkantolo yemantshi nezimoto zakwamasipala.

 - SABC


 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.