Bayakhala abalandeli baBabes Wodumo ngokunganandisi kwakhe kwiGqom in Concert

2018-04-17 15:59

Durban - Sekucacele ngisho nengane esakhasa ukuthi angeke isabonakala emcimbini ozoba yindumezulu intandokazi yomculo wegqomu.

Lokhu kusuke ngemuva kwezinsolo ezithi ubize imali eshisiwe uBabes Wodumo ukuze anandise emcimbini obhekwe ngabomvu ozokwaziwa ngeleGqom in Concert  ozoba sePavallion Mall eThekwini ohlelwa umphathi we-Afrotainment uMthokozisi “DJ Tira” Khathi.
 
Abalandeli bale ntokazi efike ngegiya eliphezulu emculweni weGqom, baveze izikhalo zabo ekhasini likaDJ Tira ku-Facebook bathi lo mcimbi bebezowujabulela kakhulu ukuba bekuzonandisa uBabes.

OLUNYE UDABA:Nayi imali uBabes Wodumo ayibizayo ukuze akushayele zonke izingoma zakhe

UZodwa Wabantu, ophatheke kabi ngenxa yokuthi uzobe engayona ingxenye yalo mcimbi, uthe abantu abaziphathe kahle emcimbini futhi uzoba ekhona ngokomoya njengoba ezobe enandisa eMelika.
 
"Ngiyaweseka kakhulu lo mcimbi, abantu abaziphathe kahle, mina ngizobe nginandisa phesheya kwezilwandle izinsuku ezimbili. Yiyona mbangela yokuthi ngingabi yingxenye yomcimbi," kusho uZodwa Wabantu .
 
Lo mcimbi uzobanjelwa enxanxatheleni yezitolo i-Pavallion eWestville, eThekwini, ngoMgqibelo.

Abaculi okulindeleke ukuba banandise, kubalwa uKwesta, iDistruction Boyz, uTipcee, uDladla Mshunqisi, uDJ Boonu kanye nabanye.

Amathikithi atholakala eComputicket ngo-R200 kuthi awezicukuthwane abe ngu-R450.

 - Instagram:


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.