Bayalelwe ukuba babuyele emsebenzini ebebetelekile amakhazeni

2018-03-18 15:09

Johannesburg – Abasebenzi basemakhazeni ebebetelekile sebebuyelile emsebenzini kulandela umyalelo wenkantolo, kusho uMnyango wezeMpilo ngeSonto.

Abasebenzi basemakhazeni bangenela isiteleka esingekho emthethweni ngoMashi 7, befuna kube nohlelo olusemthethweni lokuqeqeshwa kwabo eMnyangweni.

Izidumbu bezinqwabelana emakhazeni kahulumeni esifundazweni iGauteng ngenxa yalokhu.

Ibamba lesikhulu esiphezulu kwi-Forensic Medical Services, uDr Medupe Modisane, phambilini litshele iNews24 ukuthi abasebenzi bafuna iziqu ezisemthethweni, ezizokwenza ushintsho emaholweni azo.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elomfundisi osolwa ngamacala ahlobene nawocansi

Amakhaza aseGermiston yiwona abethinteke kakhulu ngenxa yesiteleka.

NgoLwesine, uMnyango wezeMpilo ufake isicelo sokumiswa kwesiteleka enkantolo.

NgoLwesihlanu iNkantolo yezabaSebebenzi eBraamfontein yayalela ukuba bonke abasebenzi babuyele emsebenzini.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eGauteng uLesemang Matuka uthi lokhu kuzokwenza imindeni ikwazi ukungcwaba abathandiweyo bayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.