Bayavela abasolwa ngokubulala izingane ezine zandawonye e-KZN

2018-03-12 07:28

Durban – Kulindeleke ukuba bavele enkantolo abasolwa ababili abasolwa ngokubulala izingane ezine zandawonye ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

Lezi zingane ezine ngoBandile, 12, Lwandile, 10, Sphindile, 7, noLwandle Mbhele, 4, abatholwa beshonile ngemuva kokugwazwa ngoSepthemba nyakenye kwaNzimakwe, eNcukeni ngasePort Edward.

Izingane ezintathu kulezi zatholwa zishumpulwe izindlebe sangakwesobunxele.

Amaphoyisa athi ngesikhathi zibulawa lezi zingane zazisele zodwa, umama wazo ezikhiphile ebusuku. Waze wabuya ekuseni selidume ladlula.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe ngoLwesihlanu kwaboshwa isihlobo, 32, salezi zingane ngalo leli cala.

“Uboshwe ekubo eNcukeni ngemuva kophenyo oluthathe isikhathi eside."

Amaphoyisa athi omunye umsolwa uboshwe ngeSonto ekuseni.

"Omunye umsolwa, 48, zimkhalele namhlanje (ngeSonto) endaweni yaseLatshoda, ePort Edward, ngamacala amane okubulala,” kusho uGwala.

Bobabili bazovela eNkantolo yeMantshi yaseRamsgate namhlanje.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.