Cape Town - Kulindeleke ukuba kuvele abantu ababili enkantolo namuhla ngecala lokubulawa komshayeli wesitimela.
UPiet Botha wadutshulwa wabulawa ngesikhathi kuphangwa esiteshini sesitimela saseNetreg eduzane naseBonteheuwel kuleli sonto.
Amaphoyisa abophe abasolwa ababili endaweni yaseBishop Lavis kulandela ukuncinzwa indlebe ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: Uvelile ogwaze wabulala omunye kubangwa ubhiya e-E Cape
Amaphoyisa athi eyodwa yala madoda itholwe nesibhamu okukholakala ukuthi yiso isikhali esabulala.
Esigamekweni esahlukile kutholakale isidumbu sendoda eneminyaka engu-20 ubudala eduzane nasesiteshini izolo.
Owe-CPF (Community Policing Forum) uGraham Lindhorst uthe akukaboshwa muntu ngesigameko sokudutshulwa le ndoda edutshulwe phambi kwabantu.
"Kusobala ukuthi isigameko sihlobene nesamaqembu ezigebengu, abantu endaweni basale bethukile ngoba njalo uma bezwa kuqhuma izibhamu kufanele balale phansi ngezisu ngoba abazi noma inhlamvu izongena ngewindi yini."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze
uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter