Bayavela abazala abasolwa ngokudlwengula nokubulala owesifazane

2017-10-10 11:01

Cape Town - Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo eNkulu yaseKapa namuhla (ngoLwesibili) abazala ababili abasolwa ngokudlwengula nokubulala uSinoxolo Mafevuka, 19, eKhayelitsha.

UMafevuka watholwa eshonile ethoyilethi e-SST 2 Block, Town Two eKhayelitsha ngomhlaka-2 Mashi 2016.

Ngesikhathi uMafevuka etholakala wayenqunu, izimpahla ayezigqokile zigxishwe phakathi ethoyilethi.

La bazala, uXolisa no-Athabile Mafilika, baliphikile icala.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke isinqumo ngesicelo sebheyili sabasolwa ngokubulala

Ngaphambilini enkantolo, umseshi uSergeant Bradley Davids, osebenzela esiteshini samaphoyisa aseHarare, wakuchitha ukuthi la bazala baphathwa ngendluzulu ngesikhathi bephekwa ngemibuzo.

UDavids uthe ngaleso sikhathi la madoda ayethukile futhi eboshiwe izadla zingemuva.

"Akukho okunye okwenzeka phakathi komseshi nabasolwa noma phakathi kwami nabasolwa. Abazange balinyazwe."

Ummeli ka-Athabile, u-Advocate Shaid Bruinders, ube esethi ozankosi babeqiniswe kakhulu ezandleni zekhasimende lakhe.

UDavids nokho uthe akekho owakhala ngokuqina kozankosi ngesikhathi ekhona.

UBruinders uphinde wathi iphoyisa lafaka uplastiki ekhanda lika-Athabile.

UDavids ukuphikile lokho, kodwa waphinde wathi angeke akwazi okwenzeka engasekho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.