Bazama inhlahla eSwazini abaduma ku-PSL

2016-11-30 13:30

Johannesburg - Lowo owayengumdlali we-Orlando Pirates, uMakhosonke Bhengu, nowayedlalela iGolden Arrows, uThokozani Mshengu, sebezilolonga neqembu laseSwazini.

UBhengu njengamanje akanalo iqembu asayine kulona ngemuva kokudedelwa yiPattaya United yaseThailand, kanti uMshengu yena ubentuntanendishi selokhu adedelwa uSuthu ngo-2014.

Bobabili laba badlali baqale ukuzilolonga neManzini Wanderers ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: IBanyana izolwela indondo yethusi kowe-Afcon

"Kusasekuseni kakhulu ukuba sesingaqagula ukuthi bazosayiniswa noma cha,” kusho imenenja yeWanderers uBonganu Mdluli ekhuluma neKickOff.com.

"Baqale ukuzilolonga neqembu izolo," esho.

Abanye abadlali bakuleli abake badlala eSwazini kubalwa uPhumlani Mkhize, Junior Khanye, Benedict Vilakazi noSteve Lekoelea.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.