Bazinikele emaphoyiseni ababili kolwaseMoses Mabhida

2018-05-07 19:28

Abantu ababili bazinikele emaphoyiseni aKwaZulu-Natal mayelana nezidubedube zaseMoses Mabhida Stadium ezaholela ezigamekweni zodlame ngesikhathi kudlalwa umdlalo weNedbank Cup ngenyanga eyedlule.

Abalandeli bagasela enkundleni ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs yaguqiswa yiFree State Stars kowandulela owamanqamu.

Phakathi kwalabo ababoshiwe kubalwa nomfundi oneminyaka engu-21 ubudala waseNewlands West.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe lo mfundi utholakale nama-headphone ne-microphone ngesikhathi eboshwa.

Indoda yesibili, 42, isebenza ezingadini kanti ngeyaseHillcrest, kusho uNaicker.

UNaicker uthe abasolwa baphumela obala manje kanti baxhumana namaphoyisa.

Lokhu kuza ngemuva kwesicelo esenziwe amaphoyisa ekuseni ngoMsombuluko, ngesikhathi ekhipha izithombe zabasolwa abayamaniswa nalesi sigameko.

"Sinxusa abasolwa ukuba bazinikele kungaze kube ngamaphoyisa ababophayo," kusho uNaicker.

Abantu abane sebabekwa amacala okucekela phansi impahla ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Bazobuyela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngasekupheleni kwale nyanga.

Babalelwa ku-18 abantu abalimala kulesi siphithiphithi, kanti umonakalo owadaleka enkundleni ubalelwa ku-R2.6m.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.