Bazobona into yamehlo abantu - Palacios

2016-11-17 14:30

Durban - Uthembisa lukhulu u-Augusto "Njenje" Palacios ongumqeqeshi obambile kwi-Orlando Pirates njengoba ezogijima umdlalo wakhe wokuqala we-Absa Premiership selokhu eqhoqhobale lesi sikhundla.

IBucs izobhekana neFree State Stars koweligi ngoMgqibelo ngo-18:00 e-Orlando Stadium, eSoweto.

UPalacios, ohola isikhungo sokuthuthukisa ibhola kwiBucs, ubambe izintambo zokuqeqesha kuze kusongwe unyaka emuva kokuba uMuhsin Ertugral obengumqeqeshi esule isigubhukane. UPalacios uqale kahle kulesi sigqiki eguqisa iHighlands Park ngo-2-1 koweTelkom Knockout emasontweni amathathu edlule kuyona le nkundla.

UPalacios ekhuluma neLANGA izolo ngoLwesithathu, ulitshele ukuthi abantu bazobona into yamehlo.

"La masonto amabili ebesinawo singadlali anginike isikhathi sonke sokulungisa izinkinga nokufaka isitayela engifuna sidlalwe. Ngigezeke igilo ngalokho engikubona ejimini. Indlela abafana bami abasheshe ngayo ukubamba isitayela sami ingimangazile.

"Kulo mdlalo abantu bazobona ibhola lePirates langempela lokuhlasela ngesivinini nomjiko kodwa okhokhayo hhayi ongayi ndawo. Noma kanjani sizowunqoba lo mdlalo, lokho kangikungabazi. Namaphutha ebesinawo emuva ngizamile ukuwalungisa. Nginethemba lokuthi umehluko uzokuba khona," kusho uPalacios.

UGiovanni Solinas ocija iStars, uthi naye limusizile leli khefu.

OLUNYE UDABA: Owayeqeqesha iPirate suphika eyeBafana

"Ngifike imidlalo iminyene singekho isikhathi sokufaka uhlelo engifuna ludlalwe ngabafana bami. Nesimo sabadlali besingagculisi. Bebengekho qatha ngendlela. Manje basesimweni, kangesabi lutho ngabo bangamelana nanoma iyiphi ikilabhu.

"Kumnandi ukulolonga ikilabhu encane njengeStars ngoba uma udlala nenkulu njengePirates kawunikwa lutho bese uvele umangaze abantu. Nakulo mdlalo sizothusa abantu abaningi ngendlela esizodlala ngayo. Kukhona esizobuya nakho kulo mdlalo lokho kangikungabazi. Ngiyibonile iPirates kunezindawo enamaphutha kuzona engizosebenza ngazo," kusho uSolinas.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe ukugijinywa ngempelasonto imi kanje:-

NGOMGQIBELO

ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Kaizer Chiefs 15h30 (SS4 nakwiSABC1).

ENew Peter Mokaba Stadium: Baroka FC vs SuperSport United 15h30.

EBuffalo City Stadium: Chippa United vs Cape Town City 15h30.

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Free State Stars 18h00 (SS4).

ECape Town Stadium: Ajax Cape Town vs Maritzburg Utd 20h15 (SS4).

ERoyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Bidvest Wits 20h15 (SABC1).

NGESONTO

EDr. Molemela Stadium: Bloemfontein Celtic vs Polokwane City 15h30 (SABC1).

EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Golden Arrows 15h30 (SS4).

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.