Bazoboshwa othisha abacwasa uShembe ezikoleni

2018-04-28 10:46

eThekwini - Othisha abahlukumeza abafundi abalandela iNkolo yamaNazaretha bazoboshwa futhi babekwe amacala ngokusemthethweni.

Ngokubika kwephephandaba iSolwezwe langoMgqibelo othisha nothishanhloko abahlukumeza abafundi abalandela le nkolo futhi bebaphoqa ukuba bagunde izinwele uma beya esikoleni.

Lokhu kuvezwe wuKhomishana uThoko Mkhwanazi-Xaluva obhekelele ukuvikelwa kwamalungela ezamaSiko, ezeNkolo, nezeziLimi emphakathini waseNingizimu Afrika.

Lo khomishana usho lokhu esigcawini ebesiseThekiwni kuleli Sonto lapho bekudingidwa khona izimo zokuhlukunyezwa kwamalungelo omphakathi.

OLUNYE UDABA:Amasango avuliwe, kusho abebandla leNkosi uVela Shembe

"Lokhu sekuphenduke isilonda esingalapheki ezinganeni zebandla lamaNazaretha. Sizofuna umnyango wezeMfundo ubambisane nehhovisi likaNdunankulu usinikeze amagama othisha nothisanohloko abathintekayo ekuhlukunyezweni kwezingane,"kusho yena.

Uthi kuyamthusa ukuthi namanje kusakhulunywa ngalolu daba ngoba lwahlalelwa phansi eminyakeni emibili eyedlule kwavunyelwana nabezemfundo ukuthi kwethulwe umthetho ozonqanda lesi sihlava.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.