Bazobuyiselwa imali yabo abalandeli bePirates kulandela unsiwnyo lwe-PSL

2018-04-18 16:00

Cape Town - I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi abalandeli abese bevele bewathengile amathikithi okuyobuka le kilabhu igadulisana neBidvest Wits, bazobuyiselwa imali yabo.

Lo mdlalo we-Absa Premiership uhlelelwe uLwesithathu, mhlaka-25 Ephreli, kanti manje usuzodlalwa ngaphandle kwezihlwele kulandela unswinyo olufakwe yikomidi eliqondisa izigwegwe ku-PSL kulandela ukuziphatha kwabalandeli bezikaMagebhula.

Ikomidi le-PSL laqale lasigodla isinqumo, kwathi ngoLwesibili layalela iPirates ukuba idlale imidlalo yasekhaya emibili ngaphandle kwezihlwele, kanti owodwa kule midlalo ulengiswe izinyanga ezingu-24.

OLUNYE UDABA: IPirates ilahlwe yicala lokungaziphathi kahle kwabalandeli

"Ikomidi eliqondisa izigwegwe selifake unswinyo iPirates ngokuyiyalela ukuthi kumele idlale imidlalo yasekhaya emibili ngaphandle kwababukeli. Emdlalweni owodwa lolu nswinyo lulengiswe izinyanga ezingu-24," kufundeka isitatimende esikhishwe ngoLwesibili.

"Ngokubona kwekomidi, lesi sigwebo sifanele ngenxa yobucayi becala.

"Ngaphezulu, ikomidi libona kuyiyona kuphela indlela okungajeziswa ngayo abalandeli kanye nekilabhu ngokuziphatha kwabalandeli ngendlela engavumelekile kuqhubeka umdlalo."

Kulesi sigameko, abalandeli bamaBhakabhaka bagasela enkundleni bamisa umdlalo ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibhaxabula lezi zinkunzi zaseSoweto ngo-6-0 eLoftus Versfeld ngoFebhuwari wonyaka odlule.

Abalandeli asebevele bewathengile amathikithi alo mdlalo bazoyithola maduze imininingwane yokuthi bazobuyiselwa kanjani imali yabo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.