Bazofaka esebheyili abasolwa ngokuphanga ibhange lakwa-FNB

2017-02-13 11:34

Johannesburg - Kulindeleke ukuba bafake izicelo zebheyili onogada ababili benkampani, iChubb ababoshelwa ukubandakanyeka esigamekweni sokweba amabhokisi agcina impahla ebalulekile ebhange lakwa-First National Bank(FNB).

La madoda azofaka isicelo sebheyili eNkantolo yeManthsi yaseRandburg namuhla (ngoMsombuluko).

OLUNYE UDABA: Bavelile ababili abasolwa ngokuphanga ibhange lakwa-FNB ngoncibijane

Amaphoyisa ophiko loKlebe athe la madoda womabili abalelwa emnyakeni engu-40 ubudala abhoboza imbobo odongeni lwasebhange i-FNB eseFerndale, eRandburg, ase engena ngaphakathi endlini yesiisefo ngoDisemba ngonyaka ofile.

Bobabili abasolwa baboshwe emasontweni amabili adlule.

"Kwebiwa amabhokisi angu-362 amabhokisi agcina impahla okubalwa kuyo imali, ubucwebe, amaphepha abalulekile kanye nezibhamu," kusho owoKlebe uCaptain Ndivhuwo Mulamu.

"Amaphoyisa alandele umkhondo athola amabhokisi angu-250 asegqekeziwe athululwa konke okwakuphakathi esigangeni esingase-FNB Stadium ngemuva kwezinsuku ezintathu kwenzeka isigameko."

Laba bobabili baboshwe eWinterveldt naseCenturion, ePitoli. 

 - ANA

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.