Bazofaka isicelo sebheyili othisha abasolwa ngamacala ocansi

2017-09-05 14:03

Johannesburg - Othisha ababili baseBothithong High School eNorthern Cape ababoshwe ngamacala ocansi bazovela eNkantolo kaMantshi eKuruman ukufaka isicelo sebheyili.

Kuzobe kungokwesibili uthisha oneminyaka engu-53 ubudala nozwakabo oneminyaka engu-35 ubudala bevela enkantolo kulandela ukuboshwa kwabo ngoLwesihlanu.

UBrigadier Mohale Ramatseba uthe uthisha oyedwa ubhekene necala lokunukubeza ngokocansi umfundi oneminyaka engu-15 ubudala kanti omunye usolwa ngokuzama ukudlwengula oneminyaka engu-18 ubudala.

OLUNYE UDABA: UJele uyaxolisa ngesenzo sakhe

Imibiko evele ngeledlule ithi lenyukile izinga lokukhulelwa kwabafundi kulesi sikole, kanti abanye abafundi kuthiwa bamithiswa ngothisha.

Khonamanjalo, uMnyango wezeMfundo eNorthern Cape uthi uyaphenya ngezinsolo futhi usubamisile emsebenzini othisha abasolekayo.

“Uma kungekho abanye abavelayo, awekho amanye amacala abangathweswa wona laba,” kusho uRamatseba.

- Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.