Bazogqunywa ababoshwe embhikishweni okudutshulwe kuwo iphoyisa e-KZN

2016-08-18 10:00

KwaZulu-Natal – Abantu abangu-19 ababoshwe kulandela umbhikisho onodlame eNanda ngoMsombuluko, bazogcinwa esitokisini kulandela ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu.

Laba baboshwa kulandela umbhikisho owawuku-M25 ngakuBhambayi Road, okwashiswa kuwo nebhasi.

Iphoyisa likamasipala ladutshulwa emlonyeni nasengalweni kulo mbhikisho, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

OLUNYE UDABA: Bahlanu abantu asebeboshwe embhikishweni waseHammanskraal

"Kuvulwe amacala okuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla nokudala uthuthuva emphakathini. Kwaboshwa abasolwa abangu-19,” kusho uZwane.

Kwesinye isigameko, kuboshwe abesifazane abangu-10 kulandela ukubhikisha kwavalwa umgwaqo ngamathayi avuthayo eKeats Drift, ngaseMsinga, ngoLwesibili ebusuku.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.