Bazogwetshwa abasiza umngani ebulala i-ex eyayivakasha ngenkani

2017-02-06 10:01

Cape Town – Amadoda amane aseKhayelisha alahlwe yicala lokubulala owesimame azovela enkantolo lapho ezothola khona isigwebo.

UBongiwe Ninini, 20, washona ngenyanga kaJulayi ngo-2015 ngemuva kokuhlaselwa yilaba basolwa okuthiwa bamthatha baya naye esigangeni lapho bafika khona bamshaya nangehalavu kanye nangamabhodlela kabhiya.

NgoLwesibili olwedlule inkantolo yathola ukuthi abasolwa, uPhumulani Nyewu, Masimthembe Solontsi, Melikhaya Mgushelo kanye noThabiso Balithoba basebenza ngokubambisana futhi babehlosile ulumbulala uBongiwe.

UNyewu watshela inkantolo ukuthi wayethandana nomufi iminyaka emibili ngaphambi kokuba abulawe.

Lo mlisa uthe umufi wayenokumvakashela yize sebahlukena.

OLUNYE UDABA:Athi sekusele kancane baboshwe ababulali baMeyiwa

Ngobusuku abulawa ngabo, laba bobabili babexabana bebanga ukuthi kungani lo wesimame esavakasha ngoba sebahlukana futhi akafuni amxabanise nomunye owesimame owayemlindile.

Ngokusho kukaNyewu, uSolontsi uyena owaklinya umufi esegumbini lakhe elekelelwa wuMgushelo kanye noBalithoba bemkhipha kuleli gumbi. Yena wasiza ngokumgoqa ngeshidi futhi wayesaphila ngesikhathi bemlahla emapayipini.

Yize kunjalo uBalithoba yena watshela inkantolo ukuthi uNyewu noSolontshi bambulalela egumbini lakhe uNinini, wathi bamphoqa ukuba asebenzisane nabo.

USolontsi yena wayiphika eyokubandakanyeka kwesokubulala kanti uMgushela akazange anikezele ngobufakazi bakhe.

Ulibofuzo lukhombe abasolwa abathathu ngaphandle kukaMgushelo, kodwa yena ulahlwe yicala lokuzibandakanya ngalobu bugebengu ngokungaphumeli obala ngokuthi kwenzakalani.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.