Bazohlolwa amanga abadlali beNFD

2017-06-08 14:02

Durban - Selubheke emaphethelweni uphenyo olwenziwa yisikhulu seReal Kings United FC esidinwe sathelwa ngezibonkolo ezaso zihlulwa ngembudlu yamagoli yikilabhu ebizama ukuvika izembe kodwa layigenca.

ILANGA like labika phambilini ukuthi uBongani Ngidi ongumnikazi weKings uzokwenza uphenyo lwangaphakathi ngenxa yokusola umkhonyovu emdlalweni lapho ezakhe zinenebulwe khona yiMagesi FC ngo-6-0 koweNational First Division (NFD) ngenyanga edlule e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo engaphakathi kwiKings ukuthi uNgidi usebheke ekuluphothuleni lolu phenyo. Kuthiwa kubadlali abasolwayo ube nenguyazana nabo ngamunye ebaphenya ehlanganisa nolwazi aluthola ophenyweni alwenze ngaphandle.

Kuthiwa osekusele manje wukuthi bafakwe emshinini ohlola umuntu ukuthi ukhuluma iqiniso noma amanga yini bese emuva kwalokho luyaphothulwa uphenyo.

"Uphenyo seluyaphela manje, kunabadlali abayisi-6 okuzokuthi uma ikilabhu ivula bafakwe emshinini ohlola umuntu ukuthi uqamba amanga noma usho iqiniso yini. Yilapho kuzocaca khona-ke ngekusasa lalaba badlali. UNgidi yamcika into eyenzeka kulo mdlalo ngoba idicilele isithunzi sakhe uqobo nesekilabhu.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa izikhulu zamakilabhu ePSL ngenkohlakalo

"Phela le nto ibisikhulunywa emazingeni aphezulu kwiPSL (Premier Soccer League) nakhona kusolwa ugcobho. Ngeke akuthole ukuphumula engawutholile umnyombo wayo yonke le nto," kusho umthombo waleli phephandaba oncikene kakhulu noNgidi.

Leli phephandaba lishayela uNgidi ngalolu daba, ukuqinisekisile ukuthi konke elimbuze kona kuyiqiniso kodwa wangafuna ukwanda ngamaningi.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi uphenyo sesiyaluphothula kodwa-ke kangifuni ukwanda ngamaningi ngoba kangithandi luphazamiseke. Sesilinde abadlali babuye bese senza lokho okufanele sikwenze bese sisonga yonke into ngalolu daba. Engifuna ukukubeka kucace wukuthi kangilwi namuntu, phela laba badlali bafana nezingane zami, ukuthi nje ngifuna ukuthola iqiniso ngoba ngiphoxekile ngokwenzeka," kusho uNgidi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.