Bazongcwatshwa ndawonye abakamaskandi ababulewe

2016-07-07 20:30

Durban – Bazobekwa ekhaya labo lokugcina ePhumula Mapleton, eGoli, abebengamalungu eqembu likamasikandi, aBafana bakaMolo Bangempela – okuyiqembu elasungulwa nguBhekumuzi Luthuli.

La malungu aleli qembu abulawa ngoMgqibelo eseBoksburg kubangwa isitayela sokucula, kubika iLANGA.

Umholi weqembu uXolani Mkhize uthe imindeni yabangasekho ivumelene ngokuthi laba bangcwatshwe ndawonye.

“Sisola ukuthi abasolwa babethunyiwe ngoba vele sekunesikhathi eside kubangwa ushuni kaBhekumuzi,” esho.

OLUNYE UDABA: Kubulawe amalungu amathathu eqembu likamaskandi

Uthi abasolwa bagwaze abafi base bebaleka baya ngasehostela eJeppe, begqoke o-brentwood.

UMkhize uthi usethuka izanya ngoba wasinda kulesi sigameko ngoba nakhu wayengekho emcimbini owawuhanjelwe.

Kuthiwa abasolwa bafike bahilizisana nabafi, kwase kuqubuka impi bagwazwa bashona.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Lungelo Dlamini uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.