Bazoqondiswa izigwegwe abe-ANC ngokulova ePhalamende

2016-11-17 18:00

Cape Town – Iqembu elibusayo, i-ANC lifuna ukuqondisa izigwegwe amaLungu alo ePhalamende ngemumva kokuhluleka kwemizamo yokuphasiswa komthethosivivinywa, iDivision of Revenue Bill, izinsuku ezimbili zilandelana.  

NgoLwesine, uSotswebhu we-ANC, uJackson Mthembu, uthe amalungu abengekho ephalamende, okubalwa ongqongqoshe kanye namasekela ongqongqoshe, bazothunyelwa ekuqondisweni izigwegwe ngemumva kokungalubhadi ephalamende.

OLUNYE UDABA: I-ANC iqhekeke lokhu okokugcina manje - Buthelezi

Lo mthethosivivinywa kwaba nenkulumompikiswano ngawo okokuqala ngoLwesibili, kodwa awukwazanga ukuphasiswa ngenxa yokuthi ebengekho amalungu anele ephalamende.

Kuphinde kwaba esifanayo nangoLwesibili njengoba amalungu angu-193 evotele ukuwuseka, kwase kwathi angu-5 avotela ukuphikisana nawo.

UMthembu uthi amalungu angu-209 akuqinisekisile ukuthi azofika ephalamende ngoLwesithathu, kodwa abe ngaphansi kwa-200 agcine efikile eSishayamthemtho sikaZwelonke.

Uqhube wathi amagama ala malungu, angeke aze adalulwe, azothunyelwa ephalamende.

“Ukulova kwala maLungu ePhalamende, phezu kwesiqiniseko esiqoshiwe sokuthi bazoba khona, akwamukelekile futhi kuwungungahloniphi okukhulu abantu baseNingizimu Afrika,” kusho uMthembu.

Manje uthi sebezowuhlelela isonto elizayo lo mthethosivivinywa, wathi futhi uzophasiswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.