Bazoshushiswa abanikazi bezinkomo ebezizulazula emgwaqeni ku-R103

2017-10-25 18:00

Ladysmith - AbeKwaZulu-Natal Road Traffic Inspectorate (RTI) kanjalo nabokuPhepha koMphakathi baphume ngobuningi babo emgwaqeni ku-R103 namuhla ekuseni, beqoqa izinkomo ezizicanaselayo.

Ngokusho kwabo, sekushaqwe izinkomo ezintathu.

Abakwa-RTI bazolokhe bekule ndawo usuku lonke befuna ezinye izinkomo ezilokhu zizulazula emgwaqeni ngaphandle kwabantu abazelusayo.

OLUNYE UDABA:Lihlehlile elosolwa ngokubulala izinkomo ezizulazula epulazini lakhe

Lezi zinkomo zithungathwa eLadysmith, ngokusho kombiko.

Abanikazi bezinkomo bazoshushiswa baphinde bahlawuliswe ngaphambi kokubuyiselwa izinkomo zabo.

I-RTI yenze lokhu ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha emgwaqeni yakuleli ngoba izilwane zingezinye zezimbangela zezingozi ezenzekayo emigwaqeni yakuleli.

Ithe kungcono ukuthi lezi zilwane zigcinwe endaweni ephephile kunokuthi zidale izingozi, ngesikhathi abashayeli bevika zona emgwaqeni.

 - Ladysmithgazette

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.