Bazovela ababhekene namacala okubulala obhejane

2017-07-26 15:58

Durban - Icala elibekwe amadoda amathathu asolwa ngokuthengisa izimpondo zobhejane lizobuyela enkantolo ngomhlaka-4 Agasti.

UDumisani Gwala, u-Aubrey Dlamini noWiseman Makeba bazovela eNkantolo yesiFunda yaseNgwelezane.

Laba basolwa baboshwa ngoDisemba 2014 ngemuva kophenyo oluwumshoshaphansi olwalwenziwa ngamaphoyisa ngokubulawa kobhejane.

OLUNYE UDABA:Bahlela ukulivuma icala lokuzingela obhejane

Ngo-2014 sasinyuke kakhulu isibalo sokubulawa kobhejane esifundazweni iKwaZulu-Natal nokuyiyona into eyenza amaphoyisa asungule ithimba elizophenya ngalezi zigameko.

Ngesikhathi beboshwa, kwavela ukuthi uGwala uyathinteka ku-80% wezigameko zokuthengiswa kwezimpondo zobhejane ngokungekho emthethweni KwaZulu-Natal. 

Kulo nyaka sebengu-140 obhejane asebebulewe kulesi sifundazwe, kubika iZululand Observer.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.