Pretoria – Abasolwa abahlanu ababoshelwe ukushushumbisa abantu kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMatshi eNewcastle.
Laba basolwa balinganiselwa eminyakeni engu-18 kanye nengu-35 ubudala, kanti zibakhelele ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi oKlebe betakule abantu bokufika abangu-72 nokusolwa ukuthi bebeshushumbiswe besuka eSwaziland kanye naseLesotho.
Laba bokufika kusolwa ukuthi bebexhashazwa ngokuphendulwa izigqila zomsebenzi kwenye yamafemu eseNewcastle, KwaZulu-Natal.
OLUNYE UDABA: Owakuleli usebenzise amakati ezama ukushushumbisa
Okhulumela oKlebe esifundazweni, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthi bathole ulwazi ngabantu bokufika, ebebegcinwe kwenye yamafemu asendaweni.
Uthi babe sebethola ngokushesha imvume yokusesha kule femu nalapho uphiko loKlebe ngokubambisana nezikhulu zoMnyango wezabasebenzi kanye nezoMnyango wezaseKhaya, lugasele kule ndawo ngoLwesihlanu, mhlaka-3 kuFebhuwari 2017.
“Kube sekuqaliswa ukuphenyo, kwatholakala izisulu zisebenza. Uphenyo lwesikhashana ludalule ukuthi izisulu zilethwe eNingizimu Afrika ngokungemthetho,” kusho uMhlongo.