Bazovela enkantolo abasolwa ngokubamba inkunzi izivakashi

2017-01-30 10:00

Port Elizabeth – Abesilisa ababili bazovela eNkantolo yeMantshi yeMotherwell ngoMsombuluko ngecala lokuhlaselwa kwezivakashi ezimbili zaseMelika, ePort Elizabeth.

INetwerk24 ibike ukuthi amaphoyisa athola uRobert Howard Webb, 61, noVerna Antoinette Yocum, 67, baseTexas beboshiwe ehlathini elingaseKoega mhlaka-19 Januwari.

UYocum wagwazwa engalweni kanti uWebb yena wayengalimele.

Laba bamiswa ku-R334 besuka eSteytlerville belibhekise eGrahamstown ngesikhathi behlaselwa ngabesilisa ababili.

OLUNYE UDABA: Ufakwe ebhuthini wasyoshiywa esigangeni umlingisi

Abasolwa bahamba nezisulu bayozishiya endaweni engaseKoega nokuyilapho baboshwa khona baphucwa ababekuphethe.

Bashiywa lapho beboshiwe.

Umlimi wabona imoto ishiywe yodwa wafonela amaphoyisa, kanti bona batholakala endaweni engangekhilomitha ukusuka lapho kwakushiywe khona imoto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.