Bazovela kusasa enkantolo abasolwa ngokuthumba ingane

2018-05-06 09:32

Johannesburg - Abantu abahlanu abasolwa ngokuthumba ingane yomfana enezinyanga ezingu-13 izelwe kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alberton.

Ingane ihlengwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu ntambama yabuyiswelwe kumndeni wayo.

Le ngane ihlolwe isimo sempilo esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa elokuthunjwa kwengane ehambe nomsizi wasendlini

Amaphoyisa athi kulabo ababoshelwe ukuthumba ingane kubalwa nomsizi wasendlini obesebenzela umndeni wale ngane.

Owamaphoyisa uLungelo Dlamini uthe: "Isamba semali esingadaluliwe ebesinikwe abathumbi naso sitholakele. Abasolwa bavalelwe esitokisini. Bonke bazothweswa icala lokuthumba uma sebevela enkantolo ngoMsombuluko."

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.