Bazovuselela izifungo zomshado osaziwayo abangaconsi phansi - Umbiko

2017-07-29 14:57

Hollywood – Abashadikazi uBeyonce noJay-Z Carter kubikwa ukuthi balungiselela ukuvuselela uthando lwabo ngokuthi abe nomshado wesibili kulandela ukudlula ezigigabeni eziningi njengezithandani.

La bashadikazi – ababopha elikasofasilahlane ngo-2008 – sebedlule ebunzimeni obuningi othandweni lwabo kepha banqoba njengoba begcine bebusiswe ngamawele emasontweni ayisithupha edlule.

Bathi bakulungele ukuphinde babuyisele inhlansi yothando emshadweni wabo, kusho umbiko.

Umthombo osondelene nalezi zithandani uthe: “Ngemuva kokudlula ebunzimeni kule minyaka eyedlule laba bahlela ukuvuselela izifungo zomshado phambi kwezingane kanye nabangani abayishumi abasondelene nabo kakhulu.

“UBeyonce ufuna isiqalo esisha bese eqinisekisa ukuthi umndeni wakhe uyabuyisana. Yize bebebhekene nobunzima, kepha bakwazile ukunqoba.”

Kuphinde kwavela nokuthi labo saziwayo bazothi ukuthatha ikhefu emsebenzini banake umndeni.

“Babonile ukuthi ukunaka kakhulu umsebenzi kuwenzeni umshado wabo. Bazimisele ngokuchitha isikhathi ndawonye njengomndeni,” kuphetha umthombo.

A post shared by Beyoncé (@beyonce) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.