Bebengaqali ukuboshelwa icala elifanayo abelungu abashaye izithandani zabantu abamnyama

2017-08-06 11:03

Johannesburg – Amaphoyisa aseGauteng athi abesilisa ababoshwe ngecala lokushaya izithandani eKFC eMontana, eTshwane babhekene namanye amacala afanayo.

Esigamekweni esihlobone nokucwasa ngokobuhlanga, laba belungu abayisithupha bashaye owesifazane omnyama kanye nomyeni wakhe kwi-drive thru yaseKFC.

Owesilisa obehamba nomkakhe kuthiwa ushaywe ngemuva kokuba ecele abelungu ukuba baqhubeke nokuhamba kulayini wokuyothenga.

Abane kwabayisithupha baboshiwe ngemuva kokuba amalungu omphakathi ebize amaphoyisa endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Ishonile ingane eyaphuza amanzi abilayo 

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthi abesilisa abane baboshwe ngalesi sigameko kanti abathathu kubona bagcinwe esitokisi, oyedwa wadedelwa ngebheyili.

“Abanye abathathu kuthe uma sibhekisisa sathola ukuthi bake bathweswa amacala afanayo, angakaphothulwa namanje. Nokwenze sabanqabela ibheyili, kodwa isicelo sabo sebheyili bazosifaka ngesonto elizayo.”

Amaphoyisa athi asathungatha abanye abasolwa ababili njengoba uphenyo lusaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.