Bebezimoshela bexinwe isisu abadle inyama yenkomo ebigula kwaHlabisa

2017-01-29 17:01

kwaHlabisa -  Balinganiselwa ku-50 abantu abaphuthunyiswe ezibhedlela ngama-ambulensi amane.

Umphakathi wasesigodini saseGxalabeni usola ukuthi iyona kanye le nyama ethathe umphefumulo wesalukazi sakwaNgema khona kule ndawo.

Yize umndeni waleli salukazi ungatholakalanga ukuphawula, uNkosinathi Mhlongo oyilungu lekomidi le ndawo nokunguyena obekhona elekelela laba abangaphathekile kahle uthe yize uNgema abengaphilile kahle, unele wadla le nyama wakhishwa yisisu kabi wagcina ngokushona.

"Akwazeki ukuthi ukudla kwakhe le nyama kumqedelile yini. Abanye sibatakule sebevele bezimoshele bathe besibakhipha kanzima kuze kube kude endlini encane,"kusho uMhlongo.

OLUNYE UDABA:Libashonele abantshontshe inkomo ka-R80 000

Umnikazi wenkomo ebigula uMnuz Mtshali uthe ubengekho ngesikhathi kuqedelwa inkomo yakhe ebigula.

"Ibikade igula ivuvukele umzimba futhi inanamathumba emzimbeni. Ngiye kudokotela wezilwane bangiyalela umjovo we-lentrax ngayijova ngawo.

"Abebesekhaya bacela ukuyiqedela ngabavumela, angazi ukuthi abantu ibagulise kanjani ngoLwesine kodwa ihlatshwe ngoLwesibili,"kusho uMtshali exoxa nabeSOLEZWE.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.