Bekumele ngenze okulungele iqembu neNingizimu Afrika ngoZille – Maimane

2017-06-03 15:24

Johannesburg – UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille unqabile ukuxolisa esizweni naku-DA ngemibhalo ayenza kuTwitter ngohulumeni wengcindezelo, kusho umholi weqembu uMmusi Maimane ngoMgqibelo. 

UMaimane umemezele ngoMgqibelo ukuthi banqume ukumisa uZille ngemuva kokunqaba ukuxolisa ngale mibhalo ayenza. UZille uzoqhubeka nokuhola iWestern Cape njengondunankulu.

“Ngamcela uZille ukuba axolise esizweni naseqenjini ngomonakalo awudala, kepha wanqaba.”

UMaimane uthe kuyacaca manje ukuthi yena noZille banemibono eyehlukene ngezinto iqembu elizimisele ngokuzizuza ngo-2019.

OLUNYE UDABA: EZINGENA MANJE: I-DA isimise uHelen Zille

“Ukuphawula kukaZille ezinkundleni zokuxhumana kanye nasesidlangalaleni mayelana nohulumeni wengcindezelo kubukela phansi uhlelo lwethu lokubuyisana. Akubuzwa ukuthi isenzo sikaZille sisilimazile njengeqembu.”

UMaimane wenze lesi simemezelo esithangamini sabezindaba eKempton Park ngoMgqibelo.

"Akubanga yisinqumo esilula lesi, kepha njengomholi kumele ngenze okulungele iNingizimu Afrika neqembu," esho.

UZille wabhala kuTwitter wathi: “Ngingena ebhanoyini manje futhi angeke ngingene ku-Wi-Fi ukuze ngizonqamula labo abacabanga ukuthi yonke into eyashiywa uhulumeni wengcindezelo yayiyimbi.

“Kulabo abacabanga ukuthi okwashiywa uhulumeni wengcindezelo kwakukubi kuphela, cabanga ngezobulungiswa zethu ezizimele, ingqalasizinda yezokuthutha, amanzi asemapayipini nokunye,” ubhale kanje.

Ngemuva kokumiswa uZille ubabele kuTwitter wathi ukumiswa kwakhe kuphambene nemigomo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.