Bekuqhuma inhlamba kuphela emagcekeni ebandla laseGoli

2018-05-04 11:06

eGoli - I-Rock Ministries Church ithi isiza abantu abakhungethwe yisidakamizwa se-nyaope ngokubasondeza kuJehova.

Lokhu akwehli kahle kulabo abadayisa izidakamizwa ngoba besebehlasela amalungu ebandla.

NgoLwesihlanu olwedlule indlu yebandla i-Elshadai Christian Church eDaveyton, yahlaselwa ngabadayisi bezidakamizwa kanye nabangani babo.

NgoLwesibili, bona labo bantu batshela abeDaily Sun ukuthi bazokwenza okufanayo uRock Ministries Church, nayo ezinze emagcekeni i-Elshadai.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Zibulale okungenani abantu abangu-100 izikhukhula eKenya

Kulokhu, bahlangene nezimbila zithutha ngoba abeRock Ministries bathembise ukuzilwela futhi bathi kuyobanjwana ngamawashingi uma bengake bahlasele ibandla.

"Kudala sikhulekele ukuthola le ndawo, iminyaka engu-8 yonke. Bangobani bona abafuna ukusisusa.

"Abantu bayamazi lomuntu wesimame odayisa i-nyaope futhi ulwa nathi ngoba siqeda ibhizinisi lakhe,"kusho ilungu lebandla.

UMfundini uNhlanhla MasekoweRock Ministries, uthi kungumsebenzi wabo ukusindisa izingane.

"Umasipala uyazi ukuthi sisebenzisa lomhlaba. Ngakho-ke abekho abadayisi bezidakamizwa abangasisusa ngoba sinelungelo lokuba lapha."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.