Bekusahlengwa abengozi yokuqala kwenzeka eyetekisi kuyo leyo ndawo

2016-12-06 09:31

Johannesburg - Bebethwele kanzima abosizo lokuqala ngesikhathi bematasa behlenga abalimale engozini yokuqala ngesikhathi kwenzeka eyesibili, khona kuleyo ndawo.

Ingozi yesibili ibibandakanya itekisi eliphaphalaze yashayisa eceleni komgwaqo ngoMsombuluko ebusuku kuR24.

Ngokusho kukaMax Cohen, okhulumela abe-Emer-G-Med, le ngozi yenzeke phakathi kwemigwaqo uBarbara no-R21.

"Lokhu kwenzeke seligamenxe ihora lesishiyagalombili. Abosizo lokuqala bebematasa behlenga abengozi yokuqala ngesikhathi kuphaphalaza itekisi layobhajwa esigxotsheni sagesi.

OLUNYE UDABA:Kushone abantu abangu-8 kugingqika itekisi

Leli tekisi, ngokusho kwabosizo lokuqala, livele lahlukana phakathi lachitha inqwaba yabagibeli.

Ngokwemibiko evezwe abe-Kempton Express kushone nezingane ezimbili kubantu abahlanu engozini yetekisi ku-R24.

Ngokusho kukaChitra Bodasing Harduth, okhulumela abe-ER24, kukholakala ukuthi umshayeli waleli tekisi uhlulekile ukulilawula.

Kushone abesimame ababili, owesilisa kanye nezingane ezimbili, kubekhona noyedwa olimele kakhulu kwadingeka ukuba athole usizo lokuqala okukhethekile ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.