Bekushubile enkantolo kuvela 'obulale' iSekela leMeya yaseRichmond

2017-04-06 18:03

Durban - Amalungu abalelwa kwangu-400 omphakathi abhekane ngeziqu zamehlo namaphoyisa ngaphandle kwaseNkantolo yeMantshi yaseRichmond ngoLwesine.

Ababhikishi abebedinwe begane unwabu babuthanele ngaphandle kwenkantolo ukuqinisekisa ukuthi indoda, 34, esolwa ngokubulala iSekela leMeya kuMasipala waseRichmond, uThandazile Phoswa, ayidedelwa.

UPhoswa, 38, ushone ngemuva kokudutshulwa ngoMsombuluko ekuseni emzini wakubo, esigamekweni okuzwakale ukuthi besihlobene nengxabano yezithandani.

OLUNYE UDABA: Lizofihlwa ngoMgqibelo iSekela leMeya yaseRichmond

UPhoswa uyisikhulu sesibili sakulo masipala ukubulawa kamuva.

Ukubulwa kwahe kulandela ukubulawa kuka-Edward Sibusiso Sithole owadutshulwa wabulwa ngomhlaka-6 Mashi.

Amalungu omphakathi ajikijele amatshe ebhekise emaphoyiseni ashisa namathayi. Amaphoyisa aziphindiselela ngama-stun grenades nangezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku, kusho uCaptain Nqobile Gwala.

UGwala uthe akekho olimalile ngeskhathi kunokuhilizisana kodwa kuvulwe icala lokudala udlame emphakathini.

Umsolwa ugcinwe esitokisini kanti uzobuyela enkantolo ngomhlaka-13 Ephreli, kuphetha uGwala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.