Bekuyinhlokomo yodwa kugcotshwa ikhansela

2017-10-03 16:00

Durban - Ligcine ligcotshwe ngokusemthehweni ikhansela leNkatha Freedom Party (IFP) eNdumeni kuWard 3 enyakatho yentshonalanga yeKwaZulu-Natal, njengoba kwaba nokhetho lokuchibiyela ngesonto eledlule lapho okwathatha khona uThabani Mlotshwa.

Kube yinhlokomo yodwa bekhuza izingoma ezitinyela umengameli weqembu elibusayo ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala waseNdumeni.

Kuke kwaba khona isiphithiphithi phambilini lapho uThembinkosi Zulu owayeyikhansela lakule ndawo akhonjwa khona indlela, lapho kwakunezinsolo zokuthi wavota nenhlangano ebusayo, i-ANC, okhethweni lomasipala.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa ikhansela laseMkhambathini

UNokubonga Ndlovu oyilunga lomphakathi, uthi ulinde lukhulu kuleli khansela njengoba befune amanzi ahlanzekile, amathoyilethi nokulungiswa kwezindlu zomxhaso. Waphinde wanezezela ngokuthi abayilindele inkohlakalo kuye nokuthi kumele azilethe ngokushesha izidingo zomphakathi.

UZulu uphinde wazwakalisa ukuthi uhamba ezinyathelweni zomhloli wale nhlangano uDkt Mangosuthu Buthelezi, wathi lo mholi uyizonda kabi inkohlakalo nabantu abangogombelakwesabo.

Kulo mcimbi bekukhona neMeya yakule ndawo, uSboniso Mbatha, kanye noSomlomo uBongiwe Mbatha kanjalo namakhansela akule ndawo.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.