Bekuzwakala ngomsindo wokukhala nowokuthandaza kuphazamiseka indiza emoyeni

2018-03-15 14:02

Harare - Ukuphazamiseka kwendiza ye-Air Zimbabwe ebisendleleni esuka eHarare ibheke eDar-es-Salaam kushiye abagibeli bethukile futhi bekhala.

I-Flight UM438 ibe nokuphazamiseka emoyeni ngenxa yomoya onamandla ngemuva kwehora isukile eHarare ngoLwesibili, kusho abeNewsDay. 

"Le ndiza inyakaze kwaba sengathi izohlukana phakathi. Lokhu yikona okuthuse kakhulu abagibeli. Babodwa abebekhala, babodwa ebebethandaza, kona bekuthusa kakhulu," kusho omunye obegibele kule ndiza ongathandanga igama lakhe lidalulwe.

OLUNYE UDABA:Sekubekwe izinsuku okungase kuvotwe ngazo eZim

Abagibeli bancome kakhulu ukaputeni okwazile ukuyilawula le ndiza yaze yafika kahle eDar-es-Salaam yize ibambezeleke ngesikhathi esingange-hora.

I-Air Zimbabwe yinkampani esebenza ngezindiza eseziqala ukuguga kanti izinkinga zayo eziningi zenziwa wukunganakekelwa ngendlela njengoba yazithola isivele icwile ezikweletini zika-$300 million.

UNgqongqoshe wezokuThutha ezweni uJoram Gumbo ubikele iPhalamende ukuthi kula masonto ambalwa ezayo i-Air Zimbabwe izothola amathuluzi amasha okuvuselela indlela esebenza ngayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.