Beliqala ngqa ukusebenza iphoyisa elibulewe eLindelani

2016-12-14 08:00

Durban -  Usizi nomunyu emndenini wephoyisa elidutshulwe labulawa lisemsebenzini.

Kuthiwa uConstable Sabelo Nikwe oneminyaka engu-25 ubudala ubengakawuqedi nonyaka esebenza njengephoyisa.

Leli phoyisa lidutshulwe yisigebengu abezama ukusibopha endaweni yaseLindelani, ngoMsombuluko ebusuku.

Ngokusho kukaThembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa aseThekwini, umufi kade elandela umsolwa ngesikhathi edutshulwa.

OLUNYE UDABA:Lishonile iphoyisa elidutshulwe nguzakwabo ngephutha

"Amaphoyisa abone owesilisa osolisayo obehamba yedwa emgwaqeni, athe ezama ukumumisa lo mlisa waqhubeka nendlela yakhe.

"UConstable Nikwe wehlile emotweni ukuze amlandele nokuyilapho umsolwa enze sengathi uyama kanti uzokhipha isibhamu adubule," kusho uMbhele.

Lokhu kwenzeke seligamenxe ihora leshumi nanye ebusuku kanti leli phoyisa lidubuleke esiswini, kubika iSolezwe.

UZakhele Nikwe okunguyise kamufi uthi bagqemeke ingozi bewumndeni ngokushona kwendodana yakhe isencane kangaka.

"Besisabheke lukhulu kuyena njengoba ubesaqala ukusebenza futhi ubenza umsebenzi ayekade efisa ukuwenza."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.