Belisabela impilo yalo isosha elibulewe yi-ex eCongo

2017-10-30 18:01

Durban – UPrivate Nomathemba Ngeleka oyisosha elibulawelwe e-DRC ngempelasonto libulawa yilowo owayeyisoka lakhe, kuthiwa ubesehlafuna ejeqeza kuhle kwenyamazane.

Ngokusho kukababa kaNgeleka, le ntokazi ibisola sengathi lo mlisa uzoyibulala ngoba wayeyisabisa ngesibhamu njalo uma beba nengxabano.

UNgeleka obesebenzela e-SANDF 5 South African Infantry Battalion eLadysmith ushone ngoLwesihlanu efika esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Selikhishiwe igama lesosha lakuleli elibulawe wuzakwabo eCongo

Le ntokazi yathunyelwa kuleli yalizwe iyingxenye yombutho wamasosha agqugquzela ukuthula.

Ayikakabibikho imibiko ekhishiwe mayelana nomsolwa kodwa naye usebenzela uphiko olulodwa nentombi eLadysmith. Kuthiwa laba bebeyingxenye yethimba elithunyelwe e-DRC kusukela ngoJuni kulo nyaka.

Leli sosha nalo lisesimweni esibucayi esibhedlela ngoba lazidubula ngemuva kokudubula uNgeleka.

Ubaba kamufi, uNkosinathi Ngeleka, uthi laba bebesanda kuhlukana kodwa leli soka belizama ukuthi babuyelane.

Uthi yize bebazi ukuthi laba bebenezinkinga, kodwa badidekile ukuzwa ngokwenzekile.

"Ngangazi ukuthi leli soka lingelasePitoli kodwa ngingazi ukuthi kuphi nendawo, lalike lavakasha layikhaya izikhathi ezimbalwa futhi ngangithi wumfana olungile," kusho lo baba.

Uthi uke wakhuluma nalo izikhathi ezimbalwa kulezi zinsuku ezidlulile ngoba lalizama ukuthola usizo kuyena lifuna amncengele indodakazi yakhe.

"Ngemuva kokuhlukana kwabo, wafonela umkami emcela ukuba akhulume nendodakazi yethu ukuze balungise izinto. Wenzanjalo umama kodwa indodakazi yayisikhathele ngoba njalo uma bexabana, isoka lalikhipha isibhamu," kusho yena.

Ngemuva kwalokho isoka lafonela umama wentombazane lithi lizozibulala, kodwa wazama ukulincenga ukuba lingakwenzi lokhu.

Lo baba uthi wathuka ethola ucingo oluvela kuleli soka ngesonto eledlule lithi liya lapho kukhona khona intombi.

Uthi lokhu kwabathusa kakhulu ngoba babesaba ukuthi kuzokwenzekani uma bake bahlangana laba, kubika i-The Mercury.

Izinsolo zabo zaqinisekiswa wukuthola ucingo oluvela kosonhlalakahle befuna ikheli elibheke emzini wabo nokuyilapho abathole khona izindaba zokubulawa kwendodakazi yabo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.