Bengingeke ngiwukhokhise umndeni kaMafela - Mboro

2017-03-24 12:30

Johannesburg - UMfundisi Paseka "Pastor Mboro" Motsoeneng usezwakalise ukuphawula kwakhe kulandela umsindo osuke ngemuva kwemibiko ethi iGrace Bible Church ifune ukukhokhisa umndeni kaJoe Mafela u-R89 000 ngenkonzo yesikhumbuzo.

UMboro utshele iTshisaLIVE ukuthi nakuba ekuqonda kahle ukuthi likwenzeleni lokhu ibandla, ukholelwa ukuthi bekumele leseke umndeni kaMafela.

"Ibandla lingasho ukuthi kunezindleko okumele zikhokhelwe kodwa bekungakuhle liweseke umndeni. Lesi bekuyisikhathi esibuhlungu emndenini futhi ebesingalindelekile, ngakho ngenxa yalokho umndeni ubungenayo mali.

"Obekufanele bakwenze ukuba basize umndeni hhayi ukuthi bawulahlele ngaphandle,” kusho uMboro.

Uthe ukuba umndeni ubukhulume naye ubengeke awukhokhise ngokusebenzisa ibandla lakhe.

OLUNYE UDABA: Ukushaqeka isiteshi senkolo sidlala izithombe zocansi

"Ebandleni kunabantu esibasiza mahhala. Abantu abadinga indawo yokwenza inkonzo yesikhumbuzo noma yomngcwabo. Njengebandla simele uKristu futhi sisiza abantu, njengoba noKristu ebengenza kanjalo. Kumele sinikele,” kuqhuba uMboro.

Uthe sekuyisikhathi sokuba amaciko namabandla bakhe ubudlelwane ngenhloso yokusebenzisana, hhayi ukwenza imali.

IGrace Bible Church ibesematheni ngoLwesine ngesikhathi umlingisi uMangaliso Ngema ebhala enkundleni yezokuxhumana ukuthi leli bandla lifune ukukhokhisa umndeni kaMafela u-R89 000 ukuze lizobamba inkonzo yesikhumbuzo.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.