Beselizoshadelwa iphoyisa elidutshulwe nezigebengu eHammarsdale

2017-06-07 07:01

Durban - UWarrant Officer Ndabenhle Zwane wasendaweni yaseMashingeni ngaphandle kwaseHowick, udutshulwe wabulawa nezigebengu ezingu-8 ebezidudulana namaphoyisa ngenhlamvu, kubika i-KZN Eyethu.

Ngokusho kuka dadewabo uPhiliswa Zwane uthe umufi  bekufanele alungiselele umsebenzi wokwembulwa kwetshe likamkhulu ngoJulayi, bese kuthio ngoDisemba ziwushaye phakathi kwakhe nengoduso yakhe.

Uthe uNdabenhle ubengumuntu obewuthanda umndeni kanye nomsebenzi wakhe.

“Bekwala noma ngabe kunemisebenzi ekhaya, ubevele ahambe kusemnandi aqome ukubuyela emsebenzini uma ngabe ethola ucingo olumkhomba emsebenzini,” kusho uPhilisiwe.

“Sigqemeke kakhulu siwumndeni ngoba ubefana nobaba njengoba kade engumuntu obesebenza ngokukhulu ukuzikhandla ebheka nemfuyo,” kusho uPhilisiwe.

 OLUNYE UDABA:Nephoyisa lisale enkundleni kubulawa abasolwa abangu-8

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakayhi uMxolisi Kaunda evakashele umndeni waleli phoyisa ezobhonga emswaneni.

UKaunda uthe ukhathazeke kakhulu ngokubulawa kwamaphoyisa kulesi sifundazwe.

“Mathathu amaphoyisa abulawe esemsebenzini selokhu kuqale lo nyaka. Le mpi kumele siyilwe ngokubambisana nomphakathi ukuze sikwazi ukuzinqoba izigebengu,” kusho uKaunda.

Ube eseqinisa umndeni idolo ngokuthi lo uhambile ubeyiqhawe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.