'Besingakulungele ukuhlala abantu isakhiwo esiwe kwashona izingane'

2018-04-10 07:50

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu eGauteng uDikgang Uhuru Moiloa udlulise amazwi enduduzo emindenini yezingane ezintathu, ezishone ngemuva kokuwelwa wudonga esakhiweni esingaphephile ebebehlala kusona eDoornfontein, eGoli ngoMsombuluko.

Izingane ezishonile zineminyaka ephakathi kwemithathu kuya kweyishumu ubudala.

Ngokusho kukaMoiloa, ilinganiselwa kwengu-100 imindeni ebihlala kulesi sakhiwo ngokungemthetho.

"Kutholakele ukuthi lesi sakhiwo abantu bebehlala kusona ngokungemthetho futhi besingekho esimeni sokuba kungahlala kusona abantu.”

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu zezaguga emzini wazo

UMoiloa uthi bonke ebebehlala kusona bakhishiwe waphinde wathi kube sekudilizwa nenye ingxenye yesakhiwo ebingaphephile ngenhloso yokugwema okunye ukuwa kodonga.

Uthi lokhu kuveza ngokusobala ubunzima izingane ezihlala ngaphansi kwabo ngenxa yokwesela.

Uphinde wathi baphezu kwemizamo yokutholela imindeni ekhishwe kulesi sakhiwo enye indawo yokuhlala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.