Besingekho isidingo sesigameko saseKing Edward VIII-Ungqongqoshe

2016-07-14 12:30

Durban - UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uSibongiseni Dhlomo, ngoLwesithathu uchaze isigameko sokudubula esenzeke esibhedlela iKing Edward VIII esidlule nabantu ababili wathi besingekho isidingo saso futhi siyishwa.

Kushone abantu ababili ngesikhathi iqembu la madoda okukholakala ukuthi singesabasebenzi abafuna ukuqahswa ngokuphelele ligasele esibhedlela ekuseni ngovivi ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA:Uya enkantolo owabulala eKing Edward

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal atshele abeNews24 ukuthi amadoda amabili eneminyaka engu-25 nengu-45 ubudala adusthulwe ngabasolwa abathathu abangaziwa.

Kukholakala ukuthi lokhu kudubula okwenzeke ngezithuba zabo-03:00 zihlobene neziteleka ezibandakanya onogada nalabo amahlanza izibhedlela ezibheldlea zikahulumeni ezimbalwa zaseThekwini. Bonka abatelekile bafuna ukuqahswa ngokuphelele.

Amaphoyisa ayaphenya.

UDhlomo uthe kudutshulwe kwabulawa abantu ababili nonogada oyedwa emlenzeni.

Ngokusho kukaDhlomo ababulewe bebeyingxenye yalabo abanezikhalo abaqashwa yinkampani yonogada yangaphandle ezimele.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.