'Besizobingelelana nje' - kusho uMagashule ngemuva komhlangano wekhokhasi ye-ANC

2018-02-08 18:02

Cape Town – Njengoba kuqhubeka ukuhlawumbisela ngekusasa likaMengameli Jacob Zuma, i-ANC ithe umhlangano wekhokhasi yawo obubiziwe ngoLwesine ubungowokubingelelana.

Lokhu kushiwo nguNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule noSotswebhu wenhlangano uJackson Mthembu ngesikhathi bekhuluma nezintatheli ngaphandle kwePhalamende ngemuva kwalo mhlangano odonse amahora angaphezu kwamabili.

Lo mhlangano ubizwa nje vele abantu abaningi banemibuzo ngekusasa likaMengameli Zuma nokuthi izokwethulwa nini iState of the Nation Address (SONA) kulandela ukuhlehliswa kwayo.

OLUNYE UDABA: UMagashule walile ukusho ukuthi uzokwehla nini uZuma esikhundleni

UMthembu uthe ngokujwayelekile abakhulumi nabezindaba ngemuva komhlangano wekhokhasi ngenxa yokuthi uwudaba lwangaphakathi, kepha ngoba abezindaba batshengisa intshisekelo babone kukuhle ukuthi bashaye ngamafuphi.

"Bengize kulo mhlangano wekhokhasi ngoba ungowokuqala noMengameli Cyril [Ramaphosa]. Besizobingelelana namanye amaqabane nabaholi sibatshele ukuthi kumele basebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi izinqumo ezathathwa enkomfeni ye-ANC ziyaphumelela," kusho uMagashule.

"Sifuna ukucacisa ukuthi lo ngunyaka wobunye, unyaka wesiqalo esisha futhi ngunyaka wemathuba emisebenzi.

"Ngakho kulo mhlangano besizobingelelana nje sibuzane nempilo bese siyakhuthazana ukuthi sisebenze ngokuzikhandla ukuletha ubumbano nokuthi umphakathi uphinde usethembe," esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.